CYNTHIA STORIES
~~Ingwalo zesiNDEBELE ~~
Ngicela litshele uDlodlo ayethathela uqanda amanzi abuye amphekele😂😂😂
IMPI YEZELAMANI
CYNTHIA S NDLOVU
ISAHLUKO 24
TREVOR
Uthe etshayisa emsebenzini uTrevor wavele waqonda esibhedlela esibhedlela ukuyahlola imiphumela. Uhlezi esihlalweni uyagedezela ngapha elinde udokotela. Ngemva kwemizuzwana engemingaki etheleke udokotela.
"Hawu mnumzana usufikile?" Abuze ngapha ehlala phansi.
"Yebo baba, phela angisakwazi lokulinda ukubona imiphumela.
" Nxa ngingake ngibuze baba, uthe wena umfana yisisebenzi sakho kodwa umphatha okwendodana. Manje yindaba sengathi kukhona okwaziyo? "
"Dokotela leyi eyami ingango Tshaka, angeke ngize ngiyilandise kathesi. Ngicela ukubona imiphumela."
"IDNA ithi undodana uzalwa nguwe ."
Athi lothu ame ngenyawo uTrevor. "Dokotela ulesiqiniseko salokho okutshoyo?"
"Njengoba ngitsho baba, nansi imiphumela yakhona. Liyekele ukuhamba lilahla abantwana ngelinye ilanga kuzavela ngendlela ebuhlungu. Usuzahamba kahle mnumzana ngisakhangela izigulane zami ."
"Kulungile dokotela ngiyabonga" atsho lawo esemukela iphepha lemiphumela.
Usevele waginqa wabamanzi te! Kasakwazi noma ejabule noma ekhale. Aphume aqonde kunqolamlilo yakhe.
Endlini uSbusiso lo Nomathemba bayazixoxela ngapha bebukele umabonakude. Agulugudele endlini uTrevor afike aziphosele esofeni athule zwi.
"Baba kwenzenjani?" abuze uSbusiso evuka esofeni.
"Yazi angiliboni, litshona njani bantwabami" ezama ukuvala - vala.
"Sitshonile baba, singabuza wena? Kodwa ubukeka ungekho kahle emoyeni kwenzenjani?"
"Akulalutho mntanami, indaba nje ngikhathele. Uyakwazi lawe emgwaqweni imota zibanengi ukudlula kwakhona kuyakhathaza."
"Khona uqinisile baba. Yeyi ungakhala lokukhala."
"Hayi uyadedesa Sbue ." kungenela uNomathemba.
Bahleke.
"Baba ngingalilethela ukudla?" uNomathemba .
"Cha mntanami, ungangilethela amanzi nginathe."
"Kulungile baba," atsho lawo esukuma.
"Sbue ndodana yami, ngihlezi ngifisa ukwazi ngawe ngcono. Phela wena usufana lendodana yami. Laphana wake wathi uyihlo kakubonisi uthando njengendodana yakhe. Wena nxa ucabanga indaba ingabe ingaphi? Ukuzondelani uyihlo?"
"Baba lami ngisazibuza lamanje, bengizimisele ukumlwisa ubaba aze angitshele iqiniso. Eqinisweni ngendlela ubaba angizonda ngayo ngiyasola kangizali kukhona angifihlela khona."
Lapho avele abambe isiphongo akhangele phansi uTrevor. Aphinde abuyele esimeni masinya kwazise kafuni uSbusiso ananzelele ukuthi kukhona okunuka santungwana.
" Inzima indaba yakho mntanami. Lami ngivumelelana lawe ukuthi ikhona ethukuzwe emqubeni. Kodwa-ke licebo elihle lelo elokumekela enjalo uyihlo, ngikhona mina esikhundleni sikayihlo mntanami. Njalo ngizakwenzela konke okufunayo ngesikhathi sakho ofisa ngayo. "
" Baba ngiyabonga, angilawo azinkulungwane engingakubonga ngawo kodwa uyidlalile indima enkulu empilweni yami. Ngikhumbula ngelanga lokuqala ngiqala ngqa ukuzedinga umsebenzi koBulawayo. Wangithanda wangikhetha phakathi kwabanye noma wawulazo izisebenzi ezazanele. Kodwa awuzange ungilahlele iganga, wanginika imali ngelanga lakuqala ukuze ngithole indlu yokuloja. Ngalokho ngiyabonga kakhulu baba inkosi ikubusise. "
" Ngakwenza lokho ngoba ngikuthanda Sbue njalo ngiyakwethemba. Imnyaka yonke leyi ungisebenzela ube uthembekile kimi. Umama wakho yena usaphila? " abuze njalo uTrevor esemukela amanzi kuNomathemba.
" Yebo umama uyaphila, nguye umuntu obekade engimela njalo ngezikhathi zobunzima. "
" Hayi ngiyakuzwa mfanami, kusasa kulalapho engizayakhona ekuseni kakhulu. Sekungenzeka lithi livuka ngingekho lingamangali. '
" Kulungile baba. "
DLODLO.
useginqe uthonta amanzi uDlodlo, uphethe ubhoda ngeziko ubalekela ilangabi lomlilo kwazise upheka isitshwala ngenkalankatha yebhodo. UNhlakanipho yena uhlezi emnyango lemvubu ngapha ecutha inkunku kanina ayikhiphe emaqandeni.
" Kodwa Nhlakanipho bekulani ukuthi uqale ukhulume lami, kulokuthatha inkukhu esemaqandeni?" uDlodlo ngapha esesula amaginqo ngengalo.
"Mdala uyapheka khonapho noma ukhangele ukukhonkothela indaba ezingaqondananga lawe? Ungakhohlwa ukuthi ngiyananabulana mina. ''
" Kulungile mfanami, ibhadi lizakulandela impilo yakho yonke ngokuhlukumeza uyihlo."
"Angilandaba lakho lokho mina. Into engiyifunayo yikuthi wena upheke masinyane lapho eziko uyekele ukubhoda ngeziko njengelema. Guqa phansi ngedolo upheke masinya lapho."
Avele azithulele uDlodlo aqalise ukupheka.
IMPI YEZELAMANI
CYNTHIA S NDLOVU
ISAHLUKO 22
Esibhedlela uhlezi egumbini elilo Sbusiso uTrevor. Uhlahlele uSbusiso amehlo phela nxa emkhangele uzibonela uyise uqobo lwakhe. Kungene udokotela avele asukume ame ngenyawo.
"Results are out Mr T." Atsho udokotela emqhubela iphepha.
"Athini dokotela? Athini?"
"Igazi lakho lelakhe lichaza ukuthi lingabantu banye liyefana."
"Singabantu banye?" Abuze ngapha ekhangele uSbusiso.
"Yebo kunjalo. Asingabe sisachitha isikhathi mnumzana ngicela ungilandele siyenze masinya umfana asile."
"Kulungile dokotela asihambe."
Zigijima njalo izikhathi zidala amahola. Lithe liphuma elika Mthwakazi uMaNdlovu laye enombela ibhasi ezayamlahlela edolobheni lase Plumtree, ebesethatha izimota ezizayamlahlela koZimnyama lapho azalwa khona.
Aqoqode ekamelweni lika Dlodlo uNhlakanipho.
"Baba! Usalele? Vuka vuka kukhona engikufunayo.
Angaphenduli uDlodlo avele avuke, avule isivalo aphume ame amnyango.
"Ufunani Nhlakanipho? Wehluleke lokuphelekezela unyoko esilindweni sebhasi uyayangisa yazi. "
" Ngilambile mina. "
" Pho? Thatha ingolovane uhambe uyethatha amanzi konje usujwayele ukungakhi amanzi."
"Hehe! Mdala uyaphambana sibili, ucabanga ukuthi mina lowu ngizayakukha amanzi wena ukhona? Akuqalwa lokho buyela endlini uyegqoka izihlangu zakho uwele indlela uyekukha amanzi ubuye upheke masinya futhi."
"Hehehe! Nansi imhlola yami bantu, nansi ingulube izenginonela bo emzini wami. Nhlakanipho uzaba ngumuntu onjani sibili?"
"Dlodlo mina ekucineni ngizakuphundla wena mdala wena. Ucabanga ukuthi ngidlala lawe khonapha yi ?"atsho uNhlakanipho ephakamisela imvubu phezulu.
Ethuke uDlodlo ayethuzana lesivalo ayewela phakathi, avuke masinya adobhe izicathulo aphume ngejubane ayekuma phandle.
"Ngitshaye Nhlakanipho angithi vele yikho okufunayo. Ucabanga ukuthi mina nginguyihlo ngiyekhela wena amanzi ngiphinde ngikuphekele, inkomo ingamzala umuntu sibili." uDlodlo ngapha ehamba ngenyovane.
"Hayi kulungile baba,mana khonapho phela ngikunanabule uzabona uzahamba emfuleni ugijima. Ngithi mana manje ubalekani."
"Nhlakanipho ufuna ukutshaya uyihlo okuzalayo amadlozi azakulahla." Atsho lawo esebanga esangweni.
"Awabuye kathesi lawo madlozi ngiwananabule lawo .'' Usetsho uNhlakanipho esendola ngamandla. Akubone lokho uDlodlo asuke ngejubane eqonde koSebhuku.
TREVOR
" Dokotela ngiyabonga umsebenzi wakho omuhle umfanami usephapheme. Uyancomeka umsebenzi wakho mfowethu."
"Lathi siyabonga baba ukusebenzisana lawe. Kuyinto enhle kakhulu empilweni ukuthi usiphathe kahle isisebenzi sakho."
"Dokotela kulento engifuna ukuyizwisisa lapha. Izolo uthe igazi lami lelakhe lithi liyefana ngaliphi?"
"Lami ngimangele, nxa uthanda singakuhlolela ukuthi lizalana njani uzabe ulokhe uhlezi lomuntu kanti ngumntanakho." Atsho ezihlekela udokotela.
"Dokotela ngicela uyenze kathesi ngingabhadala noma yiyiphi imali efunekayo. Kodwa ngicela ungamtsheli yena uSbue."
"Kulungile baba, Kodwa imiphumela uyabe uzayithola kusasa."
"Lakho akulankinga dokotela. Ngingahamba laye umfanami angithi?"
"Yebo, Kodwa kumele ahlale ekhaya aze alulame."
"Kulungile dokotela '' atsho lawo uTrevor ephuma eqonda egumbini elilo Sibusiso.
Iyaholoba inqolamlilo kaTrevor ilubangise endlini. Ulokhe etshontsha uSbusiso ngelihlo lumtshaye limheqeze uvalo, phela esezibonela uyise uqobo lwakhe. Isimanga ubengakaze akubone konke lokho. Athibe isikhwehlela amkhangele njalo uSbusiso.
"Sbue, ngicela ukubuza isibongo sakho?"
"Isibongo sami ngesako Dlodlo, kodwa angikholwa ukuthi yiso esami ngoba nje siyangisinda angisithandi."
Ayethuke uTrevor aze acitshe aphume umgwaqo.
"Hawu baba kwenzenjani? Usukhohliwe yini ukuthi usemgwaqweni?"
"Cha Sbue, angazi ukuthi kwenzenjani, yikho ngiyizonda inqolamlilo leyi."
"Kulungile, umtshiye njani umakoti wakho. Sengimkhumbula njani."
"Umakoti wami uyaphila mntanami, izolo ntambama sibuye sonke ukuzekuhlola sakuthola ulokhe ulele. Namuhla ngasengithi kasale."
"Kulungile baba, angisakwazi lokulinda ukuthi sifike ekhaya ngimbone umama wabantwabami."
"Uyajabula wena mntanami, lami ngiyafisa ukuthi ngabe ngake ngalithola lelo thuba. Kodwa kungasenani lami ngelinye ilanga ngizazidobhela isalukazi sami esizagugisayo."
"Hehe! Ngaze ngahleka. Angilamona khona uzasithola, Kodwa ukhangele phela zikhona lezi ezithanda imali."
"Khohlwa mfanami mina ngiyakwazi ukukhetha phela."
Bahambe bezixoxela baze bayafika endlini.
Bathe nje bengena, aqhamuke egijima uNomathemba. Akubone lokho uSbusiso laye ahle aphume amhlangabeze bangane okwethuba elide.
"Bengasake bakuthunuke." kusitsho uTrevor ngapha ezihlekela.
"Kudala ngibonile vele ukuthi ukhona olomona lapha ekhaya." Atsho lawo edlalisa isisu sikaNomathemba.
"Vele ngilomona wena ungahlala lezithandani ungahawukeli yini. Kodwa liyangijabulisa bantwabami ensukwini zanamuhla uthando olunje alusayandanga."
"Uqinisile lapho baba, njalo ensukwini zanamuhla abasayandanga abanjengawe baba."
Bahleke bonke ngapha beqonda endlini.
"Usuzizwa njani kodwa Sbue njengoba usuhleka kangaka?"
"Makoti wami lowo ufuze mina. Sihleka ngitsho kufiwe."
Lapho bahleke kakhulu.
lMPI YEZELAMANI
CYNTHIA S NDLOVU
ISAHLUKO 21
TREVOR.
"Ngiyalamukela bantwabami, likhululeke lizizwe lisekhaya uyezwa makoti?" kusitsho u Trevor esamukela uSibusiso lo Nomathemba ngenjabulo.
"Yebo baba siyezwa njalo siyabonga ngomusa wakho ongaka."
"Kulungile bantwabami asingeneni endlini, ukudla vele Kulungile bengivele ngikwazi ukuthi lisedleleni."
"Hawu baba manje ngubani ophekileyo ngoba sonke siyakwazi ukuthi wena lokupheka izinto ezimbili ezingazwaniyo."
"Haha Sbue, mina ngiyabulala ngokupheka inkinga ngiyakuvilaphela. Ngiyajabula njengoba sengilomakoti kanje umuntu usezakudla elele."
"Hayi angiyithembi leyo. Kodwa-ke sizathini sesivele savinjezelwa ekhoneni."
"Haha! Sbue awungethembi"
Bazihlekele ngapha bengena endlini.
"Baba kusasa ngizabe ngiyabona abakithi, umuntu kunini wacina. '' kususa uMaNdlovu bezihlalele ngaphansi kwesihlahla.
'' Ubukade utshele bani MaNdlovu ukuthi uyahamba? Wena mthetho wakho usudelela ye? Ngicabanga ukuthi kuzamele ubuyele kini uyelaywa katsha. "
"Kodwa Dlodlo, umuntu odinga okwelaywa phakathi kwami lawe ngubani. Mina bengikuhlonipha lawe uyakwazi lokho, Kodwa wena nguwe oyenza abantu bengakuhloniphi ngokuhlala uphethe emlonyeni njalo nje. "
"Ngiyabe ngingaphathanga emlonyeni MaNdlovu, Kodwa ngiyabe ngiqondisa lapho eliphambuka khona. Khangela kathesi uyekele inja leyi enguSbusiso wahamba lomfazi kaNhlae ekhulelwe."
"Hawu kanti kakutshelanga uNomathemba ukuthi isisu ngesikaSbue kakaze ahlangane lo Nhlakanipho. Kumbe ubungekho ngesikhathi sebehamba? "
"Yeee! MaNdlovu uzama ukuthini kimi wena?" Atsho uDlodlo esemi ngenyawo.
"Njengoba besengitshilo nje baba, ngisayalungisa impahla zami mina"
"MaNdlovu ulesazela wena, kukhona okufihlayo MaNdlovu?."
"Baba! ngicela ukuyalungisa izinto zami ngokuthula." Atsho lawo uMaNdlovu eqonda emkulwini.
Asuke eyisavutha uDlodlo eqonde exhibeni lika Nhlakanipho afike azithibele phakathi.
"Mdala umthetho wakho awuhloniphi yi? Awuqoqodi ngani vele? Uvele uzithele phakathi ngabe ungithole ngilomfazi ubuzakwenza njani?"
"Umfazi wokwenzani wena Nhlakanipho? Uyekele uSbusiso ehamba lomfazi wakho ekhulelwe silimandini."
"Ubiza bani ngesilima mdala? Ungaphindi ungibize ngesilima futhi ngoba ngizakukhumula amazinyo ngesando mina oyi."
"Nhlakanipho usuhlanya wena ye? Ukhuluma lobani kanjalo wena sidakwa?"
"Baba uzaphuma ugijima khonapha ungazenza ilema ekuseni lokhu. Nxa umfuna uNomathemba awumlandeli ngani uhlukane lami."
"Ngiyalingwa ngisenhlane sibili. Nhlakanipho uphambene?"
"Hamba uyelingwa phandle, uhlukane lendaba ezingafuni wena." Atsho lawo uNhlakanipho ebaneka ugwayi wakhe.
Avele aziphumele uDlodlo.
TREVOR
Agulugudele ehofisini kaTrevor uNatasha ongomunye wezisebenzi zika Trevor.
Ayethuke uTrevor avele ayekele konke abekwenza akhangele uNatasha emehlweni.
"Mnumzana , uSibusiso uselimele uwile ngesikhathi befaka izinto elolini yokudla. Sicela litshayele iAmbulance."
Avele asukume ngejubane uTrevor agijimele phandle, lakanye athole uSbusiso elele echibini legazi, engabe esaphozisa amaseko acele omunye bamthwale bayamfaka kunqolamlilo yakhe. Ayisuse ngesivinini esikhulu ayiqondise esibhedlela sase Central.
Ngemva kwemizuzwana engaba ngamatshumi atsho esefikile esibhedlela.
Bagijime omongikazi lethala labo lokuthwala izigulane. Ngokuphazima kwelihlo ubesexhunyiwe izigxingi zempilo.
"Dokotela ulethemba lokuthi umfana wami uzalulama?" kubuza uTrevor ngokukhathazeka.
"Uzalulama umfana mfowethu, into nje ulahlekelwe ligazi elinengi, ngebhadi lapha esibhedlela asilalo igazi .
Kuzamele omunye wezihlobo amnike igazi. Noma ngubani kuphela nje igazi labo lifana."
"Ngicela uhlole elami dokotela sibone. Mhlawumbe lizafana."
"Kulungile ngilandele mnumzana."
IMPI YEZELAMANI
CYNTHIA S NDLOVU
ISAHLUKO 20
"Lapha kwenzenjani? UMthunzi uvuke nini emaqandeni ngoba nje ngangimphandlile? Hehehe! UBhejane wanginika umuthi osebenza isikhatshana uzangitshela Kahle" uyabalisa uDlodlo ngapha ephuma koSebhuku eqonda ekhaya.
Kuqhamuke obabhemi begijimisana ngemva kwakhe, engabe esakhangela ukuthi kuyini asuke ngejubane eqonda emzini wakhe. Engqondweni zakhe kuvele kwafika uMthunzi.
Ugijime waze wayazithela endlini kaSbusiso.
"Hawu baba ulokhe ugijima lakathesi?" kubuza uSbusiso ngokumangala.
"Kutsho umuntu engafa lilokhe lihlezi khonapha endlini. UMthunzi ufuna ukungiqeda ngehloka lehluleka lokumkhuza. Yikho ngithi wena Sibusiso awulangqondo ufuze unyoko." kusitsho uDlodlo ngentukuthelo.
"Dlodlo ngicela ungangifaki mina sengingena ngaphi? Dlodlo uyindoda enjani sibili? Nsukuzonke kumele kube ngumsindo lapha ekhaya hayi uyehlula. Khangela kathesi umdala ungaka utshona ugijima lebhulugwe elimanzi akukhule mani."
"Wena MaNdlovu ngizaku......." Atsho lawo ezama ukutshaya uMaNdlovu ngempama, avele ambambe isandla uSbusiso.
"Baba angeke ubeke umama isandla phamb'kwami. Njalo umama uqinisile baba uyindoda enjani ehlezi isempini njalo nje. Awukhathali ngani ngokuhlala uphemba umlilo."
"Akungekele mina mntwan'enja. Ucabanga ukuthi ungubani wena Sibusiso yi? Awulamthetho mpthu! Uyangenyanyisa, khangela kathesi ubuyele ukuzethathela omunye umntwana intombi yakhe."
"Noma ungathini kimi baba akusoze kungiguqule. Kusasa ngiyamlobola ngendlela ehloniphisayo. Njalo ungakhohlwa ukuthi kusamele ungitshele ukuthi wangidobha ngaphi."
'' MaNdlovu khuza inja yakho leyi ngingakaze ngimtshisele endlini kathesi. Ngisenkingeni engangoTshaka ngenxa yakhe u......." ethuke ahlahle amehlo avele aphume aqonde emkulwini.
"Mama ubaba uzama ukuthini kimi?" kubuza uSbusiso eqondise kunina.
"Mntanami ngicela siqhubeke ngebesikwenza uyekelane loyihlo."
Ziyatshovana izikhathi zidala amahola, amahola lawo abuye adale ilanga.
KungeSonto ntambama, bajabulile abantu emzini kaDlodlo kwazise uselotsholiwe uNomathemba ngendlela eqondileyo. Inkomo ezalobola ngoDlodlo lazo seziphendusiwe. Uthwele umlomo ungaka uDlodlo uhlezi esibayeni ulokhe ekhangela indlela hlezi engabona uNhlakanipho eqhamuka. Phela selokhe was**a ekhaya ngolwesihlanu kaphendukanga uzwa ngabantu bethi wabonakala ezitolo zaseTshankwa edakwe ehamba ngamadolo.
Kudume inqolamlilo ngemva kwakhe athuke ayewela phansi kwazise ubehlezi ezigodweni zezibaya. Azwa umdumo nje uzitshela ukuthi ngu Trevor.
Avuke phansi ngapha ezithintitha umquba, ajikijele amehlo kunqolamlilo leyi eqhamukayo. Ibuye ize izekuma esangweni, aphume umtshayeli ayevula emuva, adonse uNhlakanipho ngenyawo amlahlele phansi aqede engene kunqolamlilo ahambe.
Udakwe kazazi lebizo uNhlakanipho ngapha ibhulugwe limanzi te! Selize latshintsha lombala walo.
Asuke ezibayeni uDlodlo esethwele amaphaphu ngezandla eqonda ku Nhlakanipho.
"Wena Nhlakanipho! Maye! Kutsho nguwe othethe imali yami ebengiyifake esikhwameni sebhatshi lami emdulwini. Nhlae akuvuke phansi ucabanga ukuthi ngingaphakamisana lawe umanzi unje." Atsho lawo ebhoda ngaye.
Asuke eyisavutha aqonde exhibeni elilabantu bemzini afike azithele phakathi.
" Sibusiso lawe MaNdlovu sukumani liyethwala uNhlakanipho nanguyana esangweni. "
Bamkhangele emehlweni baqede bazithulele njalo.
" Angizwakalanga yini Sibusiso."
"Baba —baba kwenzenjani kanti?" kuphendula uSbusiso ngomoya ophansi.
"Hayi kulungile salani kanjalo angithi selilempiko lapha ekhaya" atsho lawo ephuma.
Ekuseni uSbusiso lo Nomathemba bavele bavukela ukuqoqa impahla zabo bezifaka kunqolamlilo, kwazise bafuna ukuthi kusiyabumbana ihola letshumi emini yekuseni labo bengena edolobheni.
"Bantwabami selizahamba kahle ubumuhle umsebenzi, noma nje selihamba umakoti engasaqedanga (ubulongo). Kungasenani hamba mntanami uke uyetshaywa ngumoyq sizabuya sibonane njalo kuphela nje sisaphila."
"Siyabonga lathi mama ukusimela Kahle, ufike ubabone omalume khonale libatshele ngizabuya ngekhefu likaMabasa."
"Kulungile Sbue ngizabatshela. Uphathe kahle umakoti wami lomzukulu wami. Ubabakazi wakho uthe uzangena kini lidlule limtshiya emabhasini edolobheni."
"Yebo mama ubesengitshelile."
"Ucabanga ukuthi uyangaphi lomfazi wami wena Sibusiso" kutsho uNhlakanipho ephuma exhibeni lakhe, ngapha ehamba ebambelela amadolo kwazise uphethwe yibhabhalazi.
"Umfazi wakho owamthatha ngaphi Nhlakanipho?" Abuze ngapha esondela duze laye.
"Wena ngumfazi wami lowu, njalo ukhulelwe isisu sami."
"Wamkhulelisa ebuthongweni mfowethu, uNoma uthwele umntanami uyezwa. Ucabanga ukuthi ungubani wena owawungalima ensimini yami ngikhona ngiphila? Sala unjalo unuka imthelelo into engela kusasa leyi" Atsho lawo uSbusiso esiyangena emoteni.
"Wena Sibusiso wena! Agijime indawo yonke uNhlakanipho edinga ilitshe angabajikijela ngalo, avele asindwe zinyawo ayewela phansi, kwazise lendlala layo iyazenzela. Phela ubewathela kodwa amabele engadlanga
IMPI YEZELAMANI
CYNTHIA S NDLOVU
ISAHLUKO 19
Sebemi amadlodlongwane koDlodlo bahlahlele unyanyavu lwemota leyi engena esangweni amehlo. Balokhe bebuzana ukuthi kungabe ngubani, kwazise ilamafasitela amnyama umuntu ophakathi kabonakali.
UDlodlo yena usezithambisele ibhulugwe kwazise uke wayibona inqolamlilo leyi emzini kaTrevor, usehamba - hamba indawo yonke kasakwazi lokuthi abalekele ngaphi.
"Dlodlo wazithambisela umdala ungaka uyahlola yini?" Kubuza uMaNdlovu ekhuza imhlola ngapha etshaya izandla.
"Sbusiso!" kumemeza uNomathemba egijimela kuye.
Lapho uvele ubuye ngamandla umthambiso ku Dlodlo, phela uzitshela ukuthi uSbusiso ubuya nje ulo Trevor.
"Sithandwa sami unjani?" uSbusiso ephakamisa uNomathemba.
Avele agcwalelane uDlodlo asukume phansi esebhubhudla ulaka.
"Wena Sbusiso uzama ukwenzani? Awusahloniphi vele hii?"
"Hawu baba ngizifikela nje sengenzeni mina? Licala yini ukujabulela unkosikazi wami engamlobolelwa ngubaba ngenkomo engazithenga ngemali yami?"
"Uzama ukuthini wena Sbue? Phangisa uyekele umfazi ka Nhlakanipho ngingakaze ngikuqamule imbambo."
"Uyabona manje baba, ngizakukhohlwa ukuthi umdala ngikweqe mina oyi."
"Sbue mntanami yekelana loyihlo. Noma ngabe esetheni ungamphenduli njalo ungamphakamiseli isandla. Asambe endlini ngaze ngajabula ukukubona mntanami,." kusitsho uMaNdlovu eqondise kuSbue.
"Wena MaNdlovu uya............" Kuvele kuqhamuke uMthunzi esangweni lehloka.
"Ungaphi umthakathi wezigodo lowu ongu Dlodlo ngifuna ukumquma ikhanda namuhla ngithi ungaphi.
Ethuke uDlodlo, ngapha ebhulugweni usethonta Kodwa.
"Ezababili azingenwa, bantwabami asambeni endlini bazazibona. Mina sengidiniwe ngokuhlala ngikhuzana loDlodlo njalo nje." Kusitsho uMaNdlovu edonsa uSbusiso loNomathemba. Lakanye balandelane beqonda endlini kaSbusiso.
"Hawu ubaba sekutheni njalo? Ngubani omvule amehlo?" kubuza uNomathemba ngapha elunguza phandle.
"Sithandwa sami khululeka bonga ukuthi konke sekulungile. Siyahamba sonke nje ngoMvulo."
Ngale phandle sekuluthuli lodwa uMthunzi uhlezi uDlodlo izithende. Angene emasimisi ngejubane uDlodlo, amhlale izithende njalo uMthunzi. URaymond laye ngapha emuva uphethe uzama ukulamula kodwa uyise akafuni ngitsho lakumuzwa. Phela vele bayamutsho uMthunzi lakudala kwakhe ubelolaka olungalamulekiyo. Uzwa ngabantu bethi ungaqala uMthunzi uyabe usuqale ezegona lelo langa ziyabe zizakugijimisa uze uthambe.
"Ngicela sikhulume mntaka baba, nxa uyindoda beka phansi ihloka sikhulume Mthunzi omkhulu ngiyacela" usezincengela Kodwa uDlodlo, ngapha usephefuzela okukababhemi odonsa emqansweni. Abone ukuthi uMthunzi kadlali agijime ayefohla uthango acele ezinyaweni aze ayengena koSebhuku afike abadlule esihlahleni ayengena emkulwini azikhiyele phakathi.
"Usilile wena mthakathindini, namhla bengifuna ukukuhlanganisa labokhokho bakho. Kwabami abantwana akudlalelwa Dlodlo. Ngabakhulisa nzima abantwabami nginje kunzima ukuthi ngibafake isandla wena ungubani odlalela kuzibulo lami? Yiyo yodwa inkazana engilayo angeke ngize ngikuvumele udlalela kuye. Lapho esizahlangana khona akusoze kumile utshani " emlandelisa ngamazwi emi esangweni.
" Baba asambe ekhaya, khululeka ngoNoma usezandleni ezinhle kathesi uSbue ubuyile njalo uthembisile ukumthatha ngendlela eqondileyo aphinde ahambe laye koBulawayo. Njalo ngicabanga ukuthi kuzaba yinto yakusasa. " Kusitsho URaymond edonsa uyise ngesandla
" Kungabangcono ngaleyo ndlela, ngoba akusoze kube kuhle nxa ngingambona koDlodlo umntanami. "
" Yehlisa umoya baba asambe. "
KOSEBHUKU.
" Dlodlo phuma emkulwini wami kanti uyahlola yini? Uyindoda enjani ebaleka eyinye indoda? Lakhona uyakulaya uMthunzi uzibekile wena Dlodlo lapha esigabeni. "
" Bab'uSebhuku inkinga angizwa kahle, njalo mina ngiyingozi kabi nxa ngingazonda lomuntu ngingambulala simgcwabe phansi lapha. "
" Hayi s**a lapha wena Dlodlo khangela usuzithanbisele haha hayi ngaze ngahleka mina. "
" Manje Sebhuku uzahleka kulokuthi umhanbise enduneni? "
" Uyahlanya wena Dlodlo, wena umenzeni uMthunzi hi? Umenzeni hamba emzini wakho Dlodlo khona ezakuqoqoda ikhanda leli elingakhuliyo. "
Avele aphume uDlodlo phela uyazibonela nje ukuthi uSebhuku kayithengi eyakhe.
SBUSISO.
" Mama ngilapha ngizelanda intombi yami njalo phamb'kwakusasa ngizabe ngisiyacela ubuhlobo obuhle ngendlela eqondileyo. Ubabakazi uzafika lapha ntambama njalo nguye ozabuya eqhuba uNomathemba ambisele ngakibo." Kususa uSibusiso eqondise kuMaNdlovu.
"Uyabona Sbue mntanami ngikuthandela ingqondo olayo, uyenza Kahle mntanami ngiyabonga kakhulu ngalokhu okwenzele ubaba kaNomathemba."
"Kulungile mama. Lani lingalungiselela lapho okumele kulungiswe khona. ''
" Kulungile mntanami, uNtombie laye uyabuya namuhla angithi wathi uzahamba laye ayefunda koBulawayo, ngoba lami ngifuna ukuya kithi ngike ngiyetshaywa ngumoya okwenyanga. Okwalumuzi kunzima bantu."
"Khululeka ngoNtombie mama, ngikhulumile laye ecingweni, lesikolo sengisitholile njalo uzabe efunda ehlala lapho aze aqede inyuvesi."
"Ngiyabonga mntanami, ubezaba yini umntanami ngaphandle kwakho."
21/06/2026
Happy father's bo Jonasi bakithi 🥰😁Singaba yini ngaphandle kwenu kulomhlaba
Uqanda kababakhe sethuma uyise isikhuni sokulayitha ugwayi😂😂nxa kuthwa ingidi yabadala ayibhenywa
IMPI YEZELAMANI
CYNTHIA S NDLOVU
ISAHLUKO 18
Liphume labalihle ilanga. Esaphakathi kobuthongo uSibusiso evuswe yikukhala kocingo lwakhe. Aluphendule ngokuphangisa kwazise ngu Nomathemba omtshayelayo.
"Noma wami unjani ?"uSbusiso ngapha ezinabulula.
"Ngiyaphila Sbue unjani wena? Ubuya nini ngiyakukhumbula mina."
"Bekezela sithandwa sami ngiyabuya. Okuhle nje yikuthi icebo likamama lasebenza."
"Ngilendaba ezinhle engikuphathele zona."
"Ngezithiwani lezo sithandwa sami, buya lazo ngizizwe."
"Ngikhulelwe."
"Uyadlala Nomae ?" Abuze ngenjabulo ngapha evuka ethaleni.
"Ngiqinisile Sbue, buya ekhaya uzengithatha mina."
"Ngiyabuya ekhaya namuhla ntambama ngiyakuthembisa ngiyabuya lawe koBulawayo."
"Uqinisile Sbue?"
"Ngiqinisile sithandwa sami. Ngicela ukukutshayela njalo . Ngisageza ngiye emsebenzini."
"Kulungile ubelelanga elihle baba wabantwabami."
"Lawe futhi thembalami."
Aluqume ucingo aluphosele phez'kwethala ayeqe.
"Namhla Sbue ubukeka ujabulile kwenzenjani?" kubuza uTrevor embona elokhe emamathela.
"Baba, ngitshayelwe yintombi yami ekuseni ungitshele ukuthi ukhulelwe. Bengisathi ngizacela ukuya ekhaya ngiyemlanda kungakaze konakale."
"Sbusiso mntanami ngiyakujabulela. Njalo ngiyakupha imvumo thatha eyinye yezinqolamlilo zami uhambe ngayo. Khetha noma yiyiphi ofuna ukuyisebenzisa."
"Yazi mnumzana T, usudlale indima enkulu empilweni yami , sengikubona njengobaba ongizalayo ungilethele injabulo. Ngalokho ngiyabonga kakhulu baba."
"Wamukeliwe mfanami, asikho isidingo sokuthi usebenze hamba endlini uyelungiselela uhambe."
"Kulungile baba, usuzasala Kahle ngizakubona nxa ngibuya." Atsho lawo uSbusiso ephuma.
DLODLO
"Nhlakanipho mntanami, ucine ungasatshongo phela ukuthi uzizwa njani njengoba usuzakuba ngubaba nje?" kususa uDlodlo bezihlalele ngaphansi kwesihlahla.
"Madala ngicela ungangizwa ngomunwe njengekhomane mina. Khangelana lendaba zakho ungekele mina, futhi nje angizange ngithi ngifuna umfazi wena nguwe owangiphoqayo ukuthi ngithathe umfazi kaSbue angithi? Mthathe wena umnakekele umntwana."
"Nhlae mfanami hayi ngolaka, umntwana vele ngizamnakekela mina ngoba wena awusebenzi."
"Kukuwe lokho mdala mina ungangifaki, futhi sukuma uyengiphathela isikhuni somlilo ngifuna ukubaneka imbanje zami."
"Ngabona usugula ngekhanda Nhlakanipho, uthuma mina uyihlo? Usithathangaphi isibindi esingaka?"
"Dlodlo uzasukuma lapho noma ufuna ngikusukumise?" Atsho lawo uNhlakanipho edonsa umgoqo oseceleni khonapho.
Asukume ngejubane uDlodlo eqonde emkulwini afike ahwatshe isikhuni ngokuphangisa aphenduke.
"Ungalinge uthi uyasiphosa mdala sondela ungiqhubele khona uzasibisela futhi."
"Nhlakanipho ungenwe yini?"
"Ngingenwe yingidi yakho leyo ohlala ungibhemisa yona." Atsho ngendelelo uNhlakanipho emqhubela isikhuni.
"Hehe! Angikwazi unje mntanami."
"Uzabangazi - ke Dlodlo. Futhi ngicela imali ngiyetshaya ezimbili ezintathu ingwebu ithelile."
Engabe esaphendula uDlodlo avele azikhuthuze ezikhwameni akhiphe yonke alayo amqhubele.
Ligwaze umhlaba elikaMthwakazi, litshisa kuze kutshise phansi.
Aqhamuke uSbusiso ezitolo zaseThaphutshiye, avele aqonde ebhawa ka MacKenzie. Amise inqolamlilo yakhe buqamama ayehle angene phakathi athenge amabele abuyele kunqolamlilo. Ayisuse ihambe ize iyekuma lapho avumelane ukuhlangana khona lomntaka Mthunzi.
Ngemva kwemizuzwana ubesefikile, ayimise eceleni komgwaqo avele amafasitela, akhiphe isigujana avule amabele awathengileyo athele phakathi aqede avale.
Aqoqode efasiteleni uRaymond, aphume kunqolamlilo ngokuphangisa.
"Ray usufikile mfanami, unjani kodwa?"
"Ngiyaphila mnewethu unjani wena? Ngibuye sengigijima ngithi ngizakuthola usidlulile. Haaa phela uthe ungitshela ngendaba kababa ngajabula kakhulu."
"Kulungile mfanami, asingabe sisaphozisa amaseko thatha nanku. Hamba ekhaya ufike uthi nguNhlae othengileyo uzwile?"
"Kulungile mnewethu ngethembe ngizakubona ntambama."
"Uhambe kahle.."
Uzihlalele ngaphansi kwesihlahla uMthunzi njengenjwayelo uzibazela izikeyi zakhe. Aqhamuke uRay ngapha ezihlabelela.
"Hawu Ray kusukela nini wena ungithengela utshwala?" kubuza uMthunzi ngapha inhliziyo isimhlophe kwazise liyatshisa ilanga kufuneka wona amabele aqandayo.
"Baba, ayisimi engithengileyo kodwa nguNhlae umkhwenyana wakho."
"Haha letha lapha mfana, ngimthandela lokho umfana." Atsho lawo evula esisodwa. Avele akhangele phezulu abunkunkuluze kwazise ubevele ebuwomele.
Aqalise ukutshilwa abambe isisu, asukume ngejubane ayetshokoza ezihlahlakazeni kuthi dlwe emehlweni kube ngathi kulento esukileyo kuye.
"Hawu baba kwenzenjani?" Ezibuzisa uRay ngapha esondela duze laye.
"Ray biza uNomathemba angiphathele amanzi."
"Baba uNomathemba angithi wamlobolisa ku Nhlakanipho, angithi uDlodlo wakuqila waze wavuma."
"Ungangihlanyeli wena Ray, ngithe biza udadewenu."
"Baba uDlodlo wakusebenzisela umuthi , lami angazi njani, kumbe wakudlisa kumbe wakuphephethela angikwazi.
Uyabona njengoba uphalaza nje ubukhipha wona ubonge uSbue njalo. UNomathemba uko Dlodlo."
Asukume ngokuphangisa uMthunzi agijime adobhe induku yakhe aqonde koDlodlo.
"Baba! Mana impi kayisoze ixazulule inkinga isingakutshiya ejele" kusitsho uRay egijima ngemva kukayise.
So umntwana kaPhilile uzothi abantwana baka Nonduduzo zi cousin zakhe or siblings 😑🤥
Click here to claim your Sponsored Listing.
Category
Contact the public figure
Telephone
Website
Address
Alexandra